isidikili umuthi uyakwazi ukusiqoba usifake esibayeni uma usola kuthi khona abakwenzayo kwimfuyo yakho. Izimpande zesidikili ziyaphekwa zibeyimbiza eba isiphungo sezinhlobo eziningi zemikhuhlane,izifo ezizwelisa amakhaza, umzimba omubi,izifo ezifo ezidlikiza igazi,ingxibongo. Izifo ezidla imithambo yamaphaphu. Uxubhele ubuhlungu bezinsini ezophayo,amazinyo ukudumba nokuvuvukala. Uyathoba izindawo ezenyeleyo, nezidumbile. Oyimpuphu uwumhlabelo ogcatshwayo lapho kuphuke khona ithambo,uyalihlumisa.
Ngike ngasisebenzisa isidikili ukuthaka ngaso, okusho ukuthi ngenkathi ngihlephula ngihlephule mawala savuthukela engalweni, yeer kwabe ngiyiqhathile, kwaluma engalweni, kwafofotha kunjalo. Kuphoqe ukuthi ngigqume noma ngomsuzwane ngemva kokuqeda lento ebengiyenza, bekufutha ubuso ngathi upelepele.
Isidikili / isdikili Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyelapha umzimba omubi. Welapha ukudumba komzimba, welaphe izilonda ezimbimbeni ezinhlobonhlobo. Uyaphuzwa lapho unezilonda emlomeni nangaphakathi, uyathoba ngawo lapho unezilonda ngaphandle. Siiyangena kwinsizi yokubethela, siyangena ekuxosheni umuntu ongasamfuni empilweni yakho.
Amehlo abuhlungu angaboni kahle, ake senze umuthi wamehlo. Kuyenzeka ubenenkinga yamehlo abenenkinga ungaboni kahle, noma mehlo abe bovu, noma ube nengubo emehlweni, thola ISDIKILI usenze sibe weak usibilise bese uyasisefa usisefisise ebese usifaka 1 drop esweni uyolala...
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |